URiveiro ukhuluma ngomdlali wakhe omusha uGilberto
Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, uJosé Riveiro, useveze ukuthi umdlali wakhe omusha uDeivi Miguel Vieira owaziwa kakhulu ngelikaGilberto ungumuntu ozithobile futhi akukho zikhalo ngokuziphatha kwakhe.
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-21 ubudala wase-Angola ubedlalela iPetro de Luanda kusukela ngo-2022 kuze kube kulo nyaka. Lo mdlali osemncane udlale imidlalo engu-30 wahlohla amagoli angu-16 kwiPetro de Luanda.
UGilberto ubekhona ngesikhathi iqembu lesizwe lase-Angola libamba iqhaza kwi-AFCON 2023 nonyaka e-Ivory Coast. Udlale imidlalo emine wakwazi ukushaya igoli okungenani elilodwa.
Khonamanjalo, lo mdlali osemncane usejoyine amaBhakabhaka kulandela ukudlala kahle eqenjini lakhe lakudala. Akahambanga nabadlali bePirates ukuya eSpain kodwa wabajoyina khona ehamba yedwa.
Lo mdlali ukwazile ukushaya igoli okungenani elilodwa ohambweni lwabo lwangaphambi kwesizini eSpain. URiveiro udalule kwabezindaba kuleli sonto ukuthi lo mdlali uluhlobo luni lomdlali.
“Ngingakutshela ukuthi uzinze kahle kakhulu eqenjini; ungumfana ovuleleke kakhulu, futhi iqembu lethu, ngalowo mqondo, likhethekile kakhulu. Sinabadlali abaningi abasebancane abanezinto ezifanayo noGilberto,” kusho uRiveiro.
“Sonke sizama ukumsiza, okokuqala nje, aziveze enkundleni futhi sizame ukwenza konke okusemandleni akhe. Kodwa ngesikhathi esifanayo, msize azizwe ekhululekile futhi lokho kuyinto esiyenza kahle kakhulu ngokubona kwami.
“Angazi ukuthi yiliphi igama azolisebenzisa ngobuntu bakhe kodwa ubenamandla okuheha ozakwabo ukuze bathole ukunaka kwabo kusukela ngosuku lokuqala. Ungumfana ozithobile; azikho izikhalo ngokuziphatha kwakhe kula masonto amathathu kuya kwamane ekade ekhona.”
UGilberto angase abonakale okokuqala kumaBhakabhaka kule mpelasonto. I-Orlando Pirates FC izobhekana nezinkunzi zasePitoli iSuperSport United FC kwi-Quarterfinal yeMTN8 Cup e-Orlando Stadium.

