Ibhola

Umdlali wasesiswini wePirates umenyezelwe ngelinye iqembu lePSL

Iqembu elizinze eGqeberha, iChippa United FC, selimemezele ngokusemthethweni ukuthi selisayine umdlali oneminyaka engu-21 ubudala ogijima kwi-Orlando Pirates FC.

U-Azola Matrose ujoyine amaBhakabhaka ngesizini ka-2022/23 esuka kwiChippa United FC. Kodwa lo mdlali ubolekiswe kwiChippa United kuleyo sizini ngoba ubenza uGrade 12.

Ngesizini edlule amaBhakabhaka anqume ukubuyisa umdlali wawo kodwa uthe efika ubelimele. Akazange adlale ngisho umdlalo owodwa kwiDStv Premiership namaBhakabhaka ngesizini edlule.

Ngesikhathi eseluleme ekulimaleni kwakhe lo mdlali osemncane uthole isikhathi somdlalo kwiDStv Diski Challenge. Umqeqeshi wePirates kwiDDC uJoseph Makhanya ubesebenzisa lo mdlali kanti uphinde wadlala noRelebohile Mofokeng eqenjini le-DDC ngesizini edlule.

Khonamanjalo, lo mdlali usehlukene namaBhakabhaka engadlalanga ngisho nowodwa umdlalo eqenjini lokuqala lale kilabhu. Lo mdlali osemncane onekhono usebuyele kwiChippa United FC ngenkontileka yeminyaka emithathu.

“IChippa United FC ikujabulele ukumemezela ukubuya kuka-Azola Matrose, osayine inkontileka yeminyaka emithathu enenkontileka yeminyaka emibili. Sijabule kakhulu ngokubuyela kwakhe kwi-Orlando Pirates FC,” Kusho usihlalo waleliqembu uSiviwe Chippa Mpengesi.

“Sithanda ukubonga i-Orlando Pirates FC ngobudlelwano obuhle nobunempilo kwezamabhizinisi ngesikhathi sokushintshana kwabo.

“Ukubuya kuka-Azola kuwumzuzu obalulekile eqenjini lethu njengoba ezodlala indima enkulu kwisizini ezayo yeBetwway Premiership ka-2024/25,” ephetha.

KumaBhakabhaka lo mdlali osemncane ukwazile ukunqoba izindebe ezimbili ngesizini edlule yize engadlalanga. Unqobe iNedbank Cup neMTN8 Cup ngaphansi kwegama lakhe.

UMatrose neqembu lakhe bazoqala isizini ka-2024/25 kwiBetway Premiership bebhekene neqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates FC ngenyanga ezayo. Lo mdlalo uzokuba mhla zili-14 e-Orlando Stadium, eSoweto.