Betway Premiership

UNabi uthi uSirino unomthelela omuhle kuVilakazi, Zwane noShabalala

Umqeqeshi weKaizer Chiefs FC, uNasreddine Nabi, umncomile uGaston Sirino waze wathi unomthelela omuhle kuMakhosi ikakhulukazi kubadlali babo abancane abafana noSamkelo Zwane, Mfundo Vilakazi noMduduzi Shabalala.

Amakhosi adlale umdlalo wawo wesibili kule sizini izolo ebusuku ebhekene neqembu laseThekwini AmaZulu FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ngenhlanhla, iChiefs inqobe lo mdlalo ngo 3-1.

URanga Chivaviro ushayele Amakhosi igoli lokuqala ngomzuzu ka-11 kwathi uSirino washaya igoli lesibili ngemuva kwemizuzu emithathu ngoka-14 eshaya igoli elihle.

Umdlali osemncane waMakhosi uMduduzi Shabalala nguyena osize igoli likaSirino. USirino uqhubekile nokuba nomthelela omuhle kuMakhosi njengoba esize igoli lesithathu leChiefs elishaywe ngu-Inacio Miguel.

Igoli loSuthu lishaywe ngu-Ighodaro ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-47. Bekuwukuphela kwegoli labo kulo mdlalo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi uveze ukuthi bajabule ngokuba noGaston Sirino eqenjini labo njengoba engenise isipiliyoni esihle.

“Sijabule kakhulu ngoSirino nangesipiliyoni esihle asilethele sona,” kusho uNabi esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo eMoses Mabhida Stadium.

“Uyisibonelo esihle sezinga eliphezulu nekilasi futhi ube nomthelela omuhle eqenjini lonke uma ucabanga ngoMfundo Vilakazi, Mdu Shabalala noSamkelo Zwane.

“Unebanga eliningi futhi ngandlela thize, singasho ukuthi kuyinto enhle ngoba ungomunye wabadlali abazimisele ngokubandakanyeka nangokwemisebenzi yakhe yokuvikela uma sibona indlela abuya ngayo ezovikela, isibonelo,” eqhubeka.

“Uyilo kanye uhlobo lomdlali engingathanda ukumthola. Uma ukhumbula bengivele ngasho ukuthi angifuni ukuba nabadlali abasezingeni eliphakathi, ukuthi ngifuna ukuba nabadlali abanamava nabasezingeni eliphezulu njengoSirino.”

IKaizer Chiefs FC isizobhekana neMamelodi Sundowns FC ngoMgqibelo emdlalweni weBetway Premiership. Lo mdlalo kuzobe kuwumdlalo wasekhaya weChiefs njengoba uzokuba seFNB Stadium, eSoweto.

Ngakolunye uhlangothi, Usuthu luzoya eBloemfontein njengoba luzobhekana neMarumo Gallants FC nayo engakanqobi okungenani umdlalo owodwa kule sizini.