Intandokazi yabalandeli bePirates izojoyina iCape Town City
Lo mdlali owake wagijima ku-Orlando Pirates uFortune Makaringe usezojoyina iCape Town City FC lingakapheli isonto elizayo.
UMakaringe ujoyine iBhakabhaka ngo-2019 esuka kwiMaritzburg United FC. Lo mdlali udlale iminyaka emihlanu ku-Orlando Pirates FC kwazise usehlukene neBucs. Leli qembu lithathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe njengoba kuzoqala isizini ka-2024/25.
Eminyakeni emihlanu ekwiPirates – lo mdlali ukwazile ukunqoba izindebe ezinhlanu ngaphansi kwegama lakhe. UMakaringe unqobe izindebe ezintathu zeMTN 8 nezimbili zeNedbank Cup kwi-Orlando Pirates FC.
Lo mdlali manje akanalo iqembu kodwa maduze uzojoyina iCape Town City FC. Ngokusho kukaMike Makaab oyi-ejenti yalo mdlali, uMakaringe akakayijoyini iCape Town City FC kodwa uzojoyina leli qembu lingakapheli isonto elizayo.
“Besingakaqedi kodwa sesisondele kakhulu ekuphothuleni isivumelwano sikaFortune Makaringe kwiCape Town City,” kusho uMakaab kwiGagasi FM.
“Akukaqedwa kodwa sekuseduze ukuthi siphethe leso sivumelwano. Nginesiqiniseko sokuthi kuzokwenzeka esikhathini esingangesonto elizayo.”
Akuyena uMakaringe kuphela umdlali osehlukene neBhakabhaka. Abanye abadlali abahlanu asebehlukene nePirates nguMpontshane, Ofori, Monare, Romeo noMarou. Bonke laba badlali okwamanje abanawo amaqembu.

