U-Mohafe uyachaza ukuthi kungani u-Appollis ebengekho izolo
Umqeqeshi wePolokwane City FC, uPhuti Mohafe, usedalule ukuthi kungani u-Oswin Appollis ofunwa yiKaizer Chiefs FC engazange adlale izolo.
IRise and Shine ibivakashelwe AmaZulu FC izolo emdlalweni wokuqala weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Iqembu lasekhaya lihlule leli qembu elizinze KwaZulu-Natal ngo 2-1. Ngesizini edlule la maqembu womabili awashayanga ngisho igoli elilodwa ebhekene. Emlenzeni wokuqala zidlale ngokulingana ngo 0-0 kanti kowesibili zibambene ngo 0-0 futhi.
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana u-Oswin Appollis ubengekho kulo mdlalo izolo kanti abantu abaningi bebezibuza ukuthi kungani engekho.
Lo mdlali osemncane usanda kudlala imidlalo emibili kwiBafana Bafana ibhekene ne-Uganda kanjalo neSouth Sudan. Ushaye amagoli amabili bedlala neSouth Sudan ekunqobeni kwabo ngo 3-2 ekuhambeni.
Umqeqeshi weRise and Shine uPhuti Mohafe uthe ngemuva komdlalo lo mdlali osemncane usekahle nje bekumele bamphumuze izolo kwazise ubeseqenjini lesizwe.
“U-Oswin uyaphila, ulapha,” kusho uMohafe ngemuva komdlalo.
“Akazange adlale, ubeseqenjini lesizwe, ngakho bekufanele simphumuze. Simdinga kakhulu ukuya phambili.
“Bekuqondene naye ngqo ngoba udlale imidlalo emibili enzima [kwiBafana Bafana]. Ngakho-ke, besibona sengathi indlela enze ngayo lapho, ubedinga ukuphumula,” engeza.
Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi bayaziqhenya ngo-Appollis ngendlela adlale ngayo eqenjini labo nakwiBafana Bafana. Uqhube wathi lo mdlali uzihambela kahle yena, ikilabhu nomndeni wakhe.
“Njengomqeqeshi ngiyaziqhenya ngaye. Njengeqembu siyaziqhenya ngendlela adlale ngayo kanti nakuye uqobo uzenzela okuhle, eqenjini nomndeni wakhe.”
IKaizer Chiefs FC ifuna ukusayinisa lo mdlali osemncane njengoba kuvezwe nguMqondisi wezeMidlalo waMakhosi uKaizer Motaung Junior. Leli qembu lifuna ukusayinisa abanye abadlali kwiPolokwane City FC.

