U-Riveiro uncoma unozinti osemncane
Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, uJosé Riveiro, uncome unozinti wakhe osemncane, uSiyabonga Dladla, wathi wenza kahle futhi unekusasa eliqhakazile.
Lo mdlali osemncane ubedlala eqenjini le-DStv Diski Challenge le-Orlando Pirates FC kumasizini edlule. Ngesizini edlule leli qembu limbolekise kwiPele Pele FC edlala kwiGauteng ABC Motsepe League kanti leli qembu lingaphansi kwePirates.
Ube nesizini enhle kwiPele Pele FC ngesizini edlule ngakho ikilabhu yanquma ukumbuyisela eqenjini. Uhambe namaBhakabhaka ohambweni lwabo lwangaphambi kwesizini ebiseSpain ngoJulayi.
Lo nozinti osemncane ubekhona ngesonto eledlule ngesikhathi behlula iCape Town City FC ngo 2-0 e-Orlando Stadium, eSoweto emlenzeni wesibili wama-semi final eMTN8 Cup. Kodwa akazange adlale, ubesebhentshini njengoba kunguSipho Chaine odlale yonke imizuzu engu-90.
“U[Dladla] ungomunye wabadlali abancane abanethalente eqenjini,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba ngesikhathi ebuzwa ngalo nozinti osemncane.
“Ngesizini edlule kwi-DDC [DStv Diski Challenge] ukhombisile ukuthi uyakwazi. Ungumdlali osemncane onekhono, onesibindi futhi osesimweni esihle emkhakheni wonozinti.
“Usebenza kahle kakhulu futhi namuhla [NgoMgqibelo] ubeyingxenye yeqembu labadlali abangu-20. Futhi elinye lamathuba athakazelisayo ekusasa lokufunda okuningi ngangokunokwenzeka kubantu abasebenza naye,” ephetha.
I-Orlando Pirates FC inonozinti abane ababhalisele isizini ka-2024/25. BanoSipho Chaine, Melusi Buthelezi, Bayanda Zulu kanjalo noDladla. UZulu ungunozinti oneminyaka engu-19 waseMgungundlovu KwaZulu-Natal.
Ubedlalela iMidlands Wanderers FC ngesizini edlule kwiKZN ABC Motsepe League kanti i-Orlando Pirates FC imbone kwiPirates Cup U21 nonyaka.
Bonke laba nozinti abane bebeseSpain ngoJulayi ohambweni lwabo lwangaphambi kwesizini. Njengoba amaBhakabhaka esedlale imidlalo emihlanu kule sizini, uChaine kuphela osedlale yonke le midlalo kuleli qembu.

