Ibhola

UBarker uthi uCupido uzobasiza ngamagoli amaningi

Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi u-Ashley Cupido ungumdlali ozokwazi ukuthatha indawo ka-Iqraam Rayners futhi uzokwengeza ukujula kanye nezinga eqenjini labo.

IStellies isanda kuhlukana no-Iqraam Rayners obengumshayimagoli ovelele ngesizini edlule kuyo yonke imiqhudelwano. Lo mgadli weBafana Bafana usejoyine ompetha beligi iMamelodi Sundowns FC.

Leli qembu selivele limtholile ozovala isikhala sikaRayners kwazise usekwiSundowns. Basayinise umgadli omusha komakhelwane babo iCape Town Spurs FC esidlala kwiMotsepe Foundation Championship u-Ashley Cupido.

UCupido, 23, ushaye amagoli angaphezu kuka-20 kwiCape Town Spurs FC kwiMotsepe Foundation Championship kumasizini amathathu adlule. Ngesizini yakhe yokugcina kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ka-2022/23 lo mdlali osemncane washaya amagoli angu-15 emidlalweni engu-30.

Ngesizini edlule kwiDStv Premiership uqhubekile nefomu yakhe enhle. Ukwazile ukushayelela i-Urban Warriors amagoli okungenani ayisikhombisa koweligi yize igawulwe yizembe.

Ekhuluma ngemuva kokunqoba kwabo ngo 1-0 bedlala neMamelodi Sundowns FC ngoLwesithathu kusihlwa, uSteve Barker udalule ukuthi uCupido uwuhlobo lomdlali abakholwa wukuthi uzobalingana futhi abasize kakhulu.

“Futhi u-Ashley (Cupido) kusobala ukuthi bekubalulekile kithina ukuthi sizame ukuthola ozovala isikhala sikaRayners futhi sabona sengathi u-Ashley ufanelekile,” esho.

“Uwuhlobo lomdlali ebesikholelwa ukuthi uzosifaneleka futhi asisize kakhulu. Uphinde wakhombisa ukuthi uyakwazi ukushaya amagoli njengoba elangazelela kwiNFD [Motsepe Foundation Championship] nangesizini edlule kwiDStv Premiership.

“Kuhle ukubuya kwamagoli eqenjini ebelidonsa kanzima. Ngikholwa wukuthi ungumshayi magoli, ukhona, uyazi ukuthi unejubane, unamandla amancane futhi uyakwazi ukushaya igoli,” engeza.

Lo mgadli osemncane ubengekho ngoLwesithathu bebhekene neSundowns kanti leli qembu belisebenzisa uBradley Mojela njengomgadli walo.

UBacker uphinde waveza ukuthi lo mdlali angase atholakale ngeSonto emlenzeni wesi-2 we-Semi-final lapho sebebhekene neMamelodi Sundowns FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Ngicabanga ukuthi uzokwengeza ukujula nekhwalithi eqenjini lethu njengoba ubona eqenjini lethu namhlanje kusihlwa [ngoLwesithathu] bekunzima ukudlala ngoBradley [Mojela] phakathi nomdlalo.

“Besingenayo enye indlela ebhentshini. kodwa ngiyamethemba futhi ngiyakholwa ukuthi [uCupido] uzotholakala emlenzeni wesibili,” ephetha.

Ozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neMamelodi Sundowns FC ngeSonto uzobhekana nozonqoba phakathi kwe-Orlando Pirates FC neCape Town City FC ngoMgqibelo kowamanqamu weMTN8 Cup. IPirates neCape Town City badlale ngokulingana ngo 1-1 izolo eKapa.