CAF Champions League

UNcikazi uthi uyayizwela iJwaneng ngoba izophoxeka ekhaya

Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates FC, uMandla Ncikazi, lidabukela i-Jwaneng Galaxy FC ngoba amaBhakabhaka abekho eBotswana kunoma yini ngaphandle kokunqoba lo mdlalo.

AmaBhakabhaka azobhekana nezinkunzi zaseBotswana iJwaneng Galaxy FC namuhla ntambama eNational Stadium eBotswana eGaborone. Lo mdlalo kuzobe kuyi-‘2nd Preliminary Round’ yeTotal Energies CAF Champions League.

I-Orlando Pirates ihlule izikhondlakhondla zaseMadagascar i-Disciples FC kwi-1st Preliminary Round yalo mqhudelwano. Badlale ngokulingana ngo 0-0 ekuhambeni banqoba ngo 4-0 ekhaya e-Orlando Stadium ngenyanga edlule.

Ngakolunye uhlangothi, i-Jwaneng Galaxy FC ihlule izikhondlakhondla zaseNamibia i-African Stars FC kwi-1st Preliminary Round. Bahlulwe ngo 1-0 ekuhambeni banqoba ngo 1-0 ekhaya kanti umdlalo wabo waphothulwa ngamaphenathi lapho kunqobe khona iJwaneng Galaxy FC.

Iphini lomqeqeshi kumaBhakabhaka, uMandla Ncikazi, uthi bawulungele umdlalo wanamuhla futhi bona bazonqoba hhayi okunye.

“Ingqondo icacile, umdlalo wamanqamu weNdebe [futhi] sike sadlala nesitha phambilini,” kusho uNcikazi.

“Bona [i-Jwaneng Galaxy] bayiqembu elihle kakhulu [futhi] banamava kulo mqhudelwano. Ngakho-ke, sidlala umdlalo wamanqamu weNdebe Kusasa [Namuhla], sifuna imiphumela, sifuna ukunqoba – iPirates izele lokho.

“Sineqembu elikhulu ngempela, ngicabanga ukuthi amalungiselelo abecacile ohlangothini lwabaphathi ukuthi isibalo sabadlali, izinga labadlali esinabo noma ubani ukulungele ukudlala,” wengeza.

“Abadlali bamazwe ngamazwe abalapha sebemi ngomumo ukuthi badlale. Sineqembu elilungile, noma ngubani okhethiwe uzimisele ukwenza umsebenzi.”

Lo mdlalo uhlelelwe u-16:00 futhi uzobe ubukhoma kuSABC Sport. Ozonqoba phakathi kwala maqembu womabili uzoya kuma’Group Stages’ alo mqhudelwano, kodwa kusawumlenze wokuqala lona.