URulani ufana nobaba kimi – Maseko
Umdlali wasesiswini ogijimayo weMamelodi Sundowns FC neBafana Bafana uThapelo Maseko uthi uRulani Mokwena ubambe elikhulu iqhaza emsebenzini wakhe webhola njengoba (uMaseko) ewine umklomelo womdlali omncane ovelele ku-COSAFA Awards 2023 ngoLwesine oledlule eSandton Convention Centre.
UMaseko ube nonyaka omuhle kakhulu ngo-2023 njengoba awina umklomelo Womdlali Ongcono Kakhulu we-African Football League (Best Player Award). Lo mdlali osemncane uphinde wadlala kahle ku-Afcon 2023 edlalwe kulo nyaka ngoJanuwari.
UMaseko ubengumdlali omncane kunabo bonke (20) kuBafana Bafana ngesikhathi se-Afcon 2023 e-Ivory Coast. Lo mdlali osemncane ukwazile ukushaya igoli okungenani elilodwa kulo mqhudelwano.
“URulani ubefana nobaba kimi ngokweqiniso,” kusho uMaseko etshela Ezemidlalo 2002 ngemuva kokuwina indondo yakhe.
“Ubelokhu ekhona kulo lonke lolu hambo, ngibheke kuwo wonke umsebenzi wami weSundowns. Ubelokhu engisekela, engisiza ukuthi ngigcine izinzwane eziyishumi emhlabathini. Ngakho, ube ngubaba omuhle kimina,” ephetha.
Lo mdlali osemncane ubeqokwe nabadlali abafana noMiguel Chaiwa noGift Mphande. Bobabili laba badlali abasebancane badabuka eZambia.

